kzncogta

Category: Speeches

  • Speech: MEC Dube-Ncube at Dube clan Imbizo

    Note to editors: The following remarks were delivered by the MEC for Cooperative Governance and Traditional Affairs in KwaZulu-Natal Nomusa Dube-Ncube at an Imbizo called by government for the Dube clan in the Mhlathuze Local MunicipalityThis Imbizo was to give community members feedback on the restoration of uBukhosi to correct house within the Dube royal family in line with the recommendations of the Commission on Traditional Leadership Disputes and Claims. 

    Mphathi wohlelo namuhla wusuku oluyingqophamlando lapha esizweni saKwaDube. Silapha ngokuhlanganyela sizophenya isahluko esisha emlandweni wesizwe sakwaDube namaphethelo.

    Engathi phela silapha nina beNkosi ukuzonethulela umbiko njengesizwe nezizwe ezingomakhelwane, ngokuthe kwahlaluka kulandela uphenyo olunzulu mayelana nesihlalo sobukhosi besizwe salapha kwaDube.

    Siyazi ukuthi iningi lenu sekunesikhathi eside nidunguza ebumnyameni, ningazi ukuthi ngempela ngakube iyozala nkomoni, njengoba bekukhona ukungaboni ngasolinye komkhulu, ngokuthi ngakube ubani okufanele ngempela ahlale esihlalweni sobukhosi.

    uHulumeni wethu, ungowabantu ukholelwa kakhulu ekutheni uma ngabe isakhiwo sobuholi bomdabu sintengantenga, soze lesiFundazwe sakwazi ukuthi siphuthumise izinhlelo zentuthuko ezindaweni ezakhele AmaKhosi.

    Ningofakazi futhi ekutheni  izindawo zamaKhosi eminyakeni eminingi engabaleki, bezilokhu zishiywa ngemumva kungakho namunye uHulumeni obuzikhathalele ukuthi nazo zihlomule ezinhlelweni zentuthuko. Ukwenza isibonelo nje, loHulumeni wethu ukubeke eqhulwini ukuthi izinhlelo zika gesi, amanzi nokuthuthwa kwendle zinabele nasemakhaya. Namuhla uma uhamba ebususku ezindaweni zamaKhosi ungafunga ukuthi uhamba edolobheni kulandela ukuqhakaza kukakagesi. Ngiyazi ukuthi ngendlela lentuthuko esixhaphakele ngayo sesiyithatha kalula, sikhohliwe ukuthi emakhaya kwakuthi uma kuhwalala kube kuhwalele sekuyoze kuphumuze ilanga uma kusa.

    Ukubambisana okuhle kwamaKhosi ethu nezakhiwo zikaHulumeni, kwenza ukuthi siwuHulumeni singakutholi ukuphumula uma kukhona isizwe lakhona lungekho khona uzinzo, ikakhululukazi uma kuthinta ikomkhulu lesizwe. Sikusho lokhu ngoba phela iNdlunkulu kunoma yisiphi isizwe iyona enika umkhombandlela esizweni, yiyona futhi eyilanga elikhanyisela isizwe, ihlonze izinyathelo okufanele zithathwe ukuze isizwe sikwazi ukuthi sithuthuke siye phambili.

    Ngakho besikhathazeke kakhulu ngesimo salapha esizweni sakwaDube kodwa senza konke okusemandleni siholwa yiSilo-saMabandla Onke, nokuyisona ebesihlala njalo sibuza ukuthi loludaba ngabe selukuphi. Sikushayele elikhulu ihlombe ukuthi cha ngempela ekugcineni sesize safinyelela esiphethweni ngaloludaba.

    Nina bohlanga, silapha nje kulandela ukuthi sibe nomhlangano nomndeni ezinyangeni ezendlule, nokuyilapha khona sawazisa ngesinqumo ikomidi elibhekele ukuxazulula lapho kunezinkinga khona ngesihlalo sobukhosi  elafinyelela kuso, nokwathi kamumva leso sinqumo sase sethulwa ezithebeni seKhabinethi yoHulumeni wesiFundazwe, kwase kuthi mina ngajutshwa iKhabhinethi ukuthi ngibikele Ongangezwe- lakhe ngalesinqumo.

     

    Angifuni ukugxila kakhulu ngomnyombo walomdonsiswano mayelana nesihlalo sobukhosi besizwe. Ngikusho lokhu ngoba phela thina maZulu noma thina esikhulele ngaphansi kwamaKhosi izindaba zakomkhulu azikhulunywa isinoma ikanjani, nakuba inhloso kungasikho ukuthi khona okufihlwayo, kodwa ngokwesiko lethu, izindaba zakomkhulu, ziyahlonishwa.

    Kodwa kafuphi, Kuzokhumbuleka ukuthi  kulandela ukukhothama ngo 1973 kweNkosi yalesizwe endala  kwabe sekubheduka ukudonsisana koNdlunkulu beNkosi. Kwaphetha ngokuthi kube nophenyo olwenziwa ikhomishana thizeni neyayalela umndeni ukuthi unikeze uholo ngalokhu. Umndeni kuthiwa wavumelana ngo olethu  ngokuthi iNkosi elandelayo iqhamuke ngasekhohlo,  nokuthe kamumva lokho kwasekuphikiswa uhlangothi ngokosiko lwalapha komkhulu, okuyilona kanye okwakufanele kwasekuqaleni, AmaKhosi esizwe  aqhamuke ngakulo.

    Lokhu kwenzeka kanjena nina beSilo, kuthe ngonyaka ka 2015 udaba lwalapha ekhaya lwathulwa  ezithebeni zekhomishana ebhekela ukuxazulula imibango ngezihlalo zobukhosi esiFundazweni. Lekhomishana ngobufakazi obathulwa kuyo, yathola ukuthi ngempela abolibo lomtanenkosi ongasekho u Elijah Dube, ibona okufanele baqhubeke nokuhlala esihlalweni sobukhosi kumbandakanye naye uMtanenkosi u-Elijah uqobo ongalitholanga lelo thuba njengoba ubuKhosi bawela endlini yase khohlo njengoba besengishilo phambilini. Ngokobufakazi obathulwa kwi khomishana kuyavela ukuthi umtwana u-Elijah uyena owayephethe ngisho umkhonto mhla kutshalwa iNkosi endala uMagemegeme nokwathi kamumva wahlaba isoyi  leliba leNkosi ngaphambi kokuthi kumbiwe. Wabe futhi esenza yonke into eyisiko lalapha ekhaya nokwakuwubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi ngempela uyena qobo okufanele ahole isizwe kodwa akwangaba njalo.

    Bakwethu, angisho ukuthi ikhomishana ebiphenya ngalokhu yathola ukuthi ngempela kufanele INkosi  uMbongiseni Mfanazonke Dube kube iyona ehlala esihlalweni ihole isizwe. Lokhu kwenzeka nje ngoba uyise ozala iNkosi, uElijah, sewadlula kulomhlaba.

    Angidlule ekutheni  uHulumeni akukho kwenzelela akwenzile lapha kodwa ulandele umthetho kwenziwa uphenyo olunzulu lwenziwa abantu abakulungele lokho futhi abazimele, beholwa nabo isiko mpilo lesizwe sakwaDube.

    Ngizocela ukuthi ngiyibambe lapha njengoba bengishilo nangaphambilini ukuthi angizofuna-ke ukuthi ngingene ngigamanxe, ezintweni eziningi ezaba imbangela yokuthi kube nomdonsiswana ongaka komkhulu, mayelana nesihlalo sobukhosi. Ngoba phela lokho angeke kusasisiza ngalutho, kodwa okubalulekile ukuthi thina singabantwana beNkosi kufanele sibambane ngezandla zombili, sise isizwe sakwaDube phambili. Akungaphinde nanini futhi kube nombango ngokuthi ubani okufanele ahlale esihlalweni sobukhosi. Kodwa kunalokho, kofanele kube umlando osiholayo ukuthi sibheka kuphi siyisizwe.

    Nginethemba lokuthi ngisho izinyanya zalapha ekhaya  ziphumule kahle futhi zijabulile, lokhu namuhla kuvuleke isahluko esisha emlandeni walapha esizweni samaDube. Asizameke ngakho konke okusemandleni ukuthi singavumeli abadukisi bangene phakathi kwethu. Uma kwenzeka kubakhona ofuna ukutshala imbewu yokungazwani phakathi kwabantwana beNkosi, loyo akavezwe obala ngoba isizwe seNkosi kufanele sithuthuke siye phambili.

    Kusukela manje kuyaphambili, ngicabanga ukuthi nina beNkosi nizofunukwazi ukuthi ikuphi okuzokwenzeka. Angisho-ke ukuthi okuzokwenzeka ilokhu:

    • Sizokwethula ngokusemthethweni iNkosi eNdlini yamaKhosi yesiFunda salapha eKing Cetshwayo, nokuyilapho izothatha khona isihlalo sayo njengeNkosi yesizwe sakwaDube.
    • Ukuvuselelwa kobuKhosi besiZwe sakwa Dube kuzomenyezelwa futhi kwiNdlu yabaholi boMdabu yesiFunda.
    • iNkosi izokwethulwa naseNdlunkulu kaZulu nakuSilo sethu
    • Sokwenza futhi isiqiniseko sokuthi isizwe sibamba iqhaza ekukhethweni kwemikhandlu yomdabu nokuwuhlelo okufanele lubanjwe nonyaka.
    • Kuzolindeleka ukuthi iNkosi yenze isiko lokuthela amanzi eNdlunkulu kaZulu nokuyothi kamumva bese kwenziwa umcimbi wokuyigcoba ngokusemthethweni.
    • Sizobheka futhi nenhlalakahle yeNkosi nokuzothi uma kuphoqa yakhelwe iHlalankosi.
    • Njengawo wonke amaKhosi, iNkosi kuzolindeleka ukuthi ihlomule ezinhlelweni zomnyango sokuthuthukisa ulwazi emaKhosini ukuze akwazi okuhola izizwe zawo.

    Konke lokhu kufakazela ngokusobala ukuthi uHulumeni wethu usebenza ngokungaphezi ukubuyisa isithunzi sabaholi bomdabu. Sikwenza lokhu kungasondele khetho kodwa sithunywa nje qha intshisekelo yokuthi uma sishiya amaKhosi ngemumva, siyisiFundazwe asisoze saphumela ekuthuthukiseni izimpilo zabantu bakithi, ikakhulukazi labo abakhele izindawo zamaKhosi. Siyaphinda futhi siyakhuleka emaKhosini ukuthi aqhubeke nokusihola, lapho sishayise khona awasiqondise ngoba phela thina sifana nezingane zawso amaKhosi okufanele aphuthumise izinhlelo zentuthuko ezindaweni zawo, ilokho asithume kona.

    Mphathi wohlelo kuleliqophelo angithathe lelithuba ngibonge emndenini wakomkhulu ngokusinika indlebe, nokusebenzisana nathi kulungiswa udaba lwalapha ekhaya. Angifisele isizwe sonke inhlanhla kuyaphambili, ngicele futhi esizweni ukuthi iNkosi ihlonishwe bakwethu futhi siyilekelele kuyo yonke imisebenzi yayo yokuthuthukisa isizwe. Ngoba ngaphandle kokuthi sisebenzisane nayo, lesizwe asisoze saqhubekela phambili.

    BoNzwakele nesizwe sonke, siyazi ke kulendawo ukuthi kuyaye kubuye kube nakho ukushuba kwezimo okuze kudale ukwesabela kwezokuphepha endaweni. Siyanxusa kakhulu ukuthi bonke abantu bazithibe balandele konke osekwenzeke ngokuyalela komthetho. Onganelisekile ngalokhu unelungelo lokuthatha ubada aluse enkantolo, kunokugovuza abantu. Sesadlula isikhathi sokuhlwebhana ngezinto ezilungisekayo ngezindlela ezisemthethweni. Siyanibonga ke mndeni wakwaDube kanye nesizwe ukuthi asikazwe sizwe imibiko emibi selokhu sanethulela umbiko weKhomishana nesinqumo seCabinet ngaloludaba.

    Ngithanda ukudlusa ukubonga kwami egameni likaHulumeni, kubaba uSeletshe Dube, okunguye obekade ebambile kulesisikhundla, ngokusiphatha kahle isihlalo sakubo aziphathe kahle izindaba zesizwe. Sithi sibonga asiphezi, Nzwakele, Nyamazane, ngeqhaza olibambile kuleminyaka emibili edlulile. Siyethemba uzoqhubeka nokweseka iNkosi entsha esihlalweni kuzo zonke izinhlelo zokusebenza eziqhubekayo kuyimanje esizweni.

    ENkosini, siyayihalalisela futhi sithumela umlayezo wokuthi Nkosi, nguwena Nkosi ongumthunzi wabo bonke abantu balesisizwe ngokufanayo.  Izibongo zonke eziphakathi kwesizwe yizibongo zesizwe. Asikho esiphakemeyo kumbe esiphansi kunezinye.

    Sikufisela ukuhola okuhle nempumelelo.

    Ngiyabonga

     

  • World Water Day Summit Speech by MEC Dube-Ncube on day 2

    Note to Editors: the following remarks were delivered by the MEC for the Department of Cooperative Goverance and Traditional Affairs in the Province of KwaZulu-Natal at the World Water Day Summit held at the Durban ICC, This event was attended by the Minister for Water and Sanitation Nomvula Mokonyane and various officials from the United Nations

    It is with great humility that I have the opportunity to address you at this very important occasion, as we enter the second day of our World Water Day celebrations, which included the Global Launch yesterday by His Excellency President Jacob Zuma, of the UN World Water Development Report 2017 whose theme is “Wastewater: The Untapped Resource”.

    Hosting this global water dialogue in South Africa pertinent for a number of reasons including among others, South Africa’s celebration of Human Rights month, where we reflect on the progress we are making in realizing the rights of all our citizens including the right to water and sanitation as enshrined in Chapter 2 of the bill of rights in the South African constitution.

    Furthermore, we all recall, the United Nations General Assembly in 2010 passed a resolution recognizing the human right to water and sanitation and acknowledged that clean drinking water and sanitation are essential to the realization of all human rights.  Therefore, this gathering is in line with efforts to deliver on Sustainable Development Goal number 6  target on improving and halving the proportion of untreated wastewater and substantially increasing recycling and safe reuse globally.

    Programme Director, we believe that there is value in tapping on wastewater as this can result in widening the water mix in the midst of dwindling fresh water in a water scarce country like South Africa.  Increasing water mix is nolonger an option but a socio economic imperative that can transform economies of the developing world and reposition the waterwaste industry to play a pivotal role increasing the much needed jobs.

    The summit underscores the importance of cooperation among all key stakeholders when it comes to issues such as scarcity of water, climate change and, most crucially in the context of this summit, the reuse of waste water.  The summit is an example of our smooth running intergovernmental relations. As co-organisers, we at KZN Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs have worked closely with the national Department of Water and Sanitation to make this summit a great success. The multitude of speakers and the scope of their contributions testify to this.

    Programme Director, Pursuit of a sustained supply of potable water to every citizen of our Province, at optimal efficiency and with maximum cost benefit, is a collective effort between all the role-players in the water and sanitation sector.

    Large parts of our country, and KwaZulu-Natal in particular, remain in the grips of the most severe drought. The costs, in social and economic terms, have still to be counted.  This challenge brought the necessity of harnessing all available resources and the need for innovation into sharp and immediate focus.

    We are indeed blessed, in KwaZulu-Natal, with brilliant minds, unwavering passion and, in particular, excellent relationships between a range of contributors in the water sector. Our three spheres of government primarily the Department of Water and Sanitation, our Provincial Government, Municipalities, Traditional Leaders,  our Water Boards and our Water Service Authorities have been working closely together for many years. The bonds and co-operation have strengthened all stakeholders pulled together to manage and contain the ravages of water shortages.

    In place, we have formal institutional structures, like the Premiers’ Co-ordinating Forum, our Provincial Water and Energy Forum, our Action Working Group 14, which deals with water services and energy, regular engagements with municipalities which are Water Services Authorities and our various district IGR for a have seen us successfully implementing a number of programmes, utilizing both conventional and more innovative methodologies, to secure water provision when the resource have been so very scarce.

    As the provincial government, we have worked tirelessly to channel targeted funding from the national government to the most drought affected municipalities. Intergovernmental relations have also been key to the success of our multi-pronged approach to drought relief which has included both short- and long-term measures as well as large-scale efforts to boost our future water supplies through borehole drilling, desalination plants, mobile package treatment plants, water tankers and bulk water storage facilities.

    We have similarly worked with our municipalities in running targeted awareness campaigns to educate our public about the impact of the current drought and water conservation approaches. I am pleased to report that these campaigns have created a mutual understanding and general acceptance of the need to save water through water restrictions imposed by individual municipalities. During the site tour visits tomorrow you will get to see some of the projects that we are jointly implementing and are practical examples of a partnership at work between our various spheres of government and water services authorities.

    It is pertinent to note that women and children are often the most vulnerable when we fail in the area of water security and improved sanitation.  There is a greater need to increase  our efforts in improving water security and sanitation, and this will in turn improve the right and  health of our women and our children – “”Our young generation to come  .

    We have as a country set for ourselves targets for ensuring universal access to water and dignified sanitation and we are making huge strides.

    This World Water Day Summit will likely reveal that effective and efficient policies and sustainable solutions for our increasing difficulty of providing enough water to meet our society’s needs will involve cooperation, innovation and common understanding of the challenges at hand. As a country we constantly remind ourselves that whilst each sphere of government has discrete responsibilities, we share one common vision. In our system of cooperative governance there are inter-linkages between policy making and resource allocation where cooperation gets tested to its limits. Our constitution makes certain functions concurrent – education, health, welfare, housing etc – to name a few.  We have learnt many valuable lessons in implementing our intergovernmental relations approach. The story of the practice of co-operative governance in South Africa will still be told but we remain humble about the unfinished business.

    As we renew our collective commitments for water security and sanitation, we must understand that working together will remain our winning formula. Drawing implementation of the Millennium Development Goals articulated in the year 2000, Africa cannot allow a time lag before Member States, intergovernmental agencies and regional mechanisms, experts, and civil society business and citizen get into action regarding the implementation of the SDG goals.

    I would like to encourage all of us to hold hands and ensure that we place water security and sanitation at the heart of all our actions.  Let us also commit to work with our partners and different institutions to strengthen the institutionalization of a harmonised monitoring and reporting system to report on actions taken to implement these commitments.

    In conclusion, I applaud the AMCOW, UN Agencies, our various agencies in South Africa for working in collaboration in organizing this summit.

    I thank Honourable Ministers for making arrangements to come to our Beautiful Rainbow Nation and especially for choosing this province and beautiful city of Durban for such a significant occasion. A special word of gratitude goes to our Minister Ms Nomvula Mokonyane, “the woman of action” with a midas touch,  she has led us on responding to the many water related questions with outstanding distinction and under her leadership we are moving closer and closer to turning what was considered a far-fetched dream to be a reality and that is reaching universal access to water and sanitation by various municipalities in South Africa.

    We will be looking forward to your contributions as we work together and place our focus on supporting the achievement of Africa’s aspiration outlined in the Africa Water Vision 2025, Agenda 2063 and to attain water security and sanitation in the Continent of Africa.

    Thank You.

  • MKHANYAKUDE CABINET OSS SPEECH BY MEC DUBE-NCUBE

    INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU UMHLONISHWA U NOMUSA DUBE- NCUBE KHATHI EVAKASHELE  U WARD 01 WOMASIPALA WASE JOZINI NGAPHANSI KOMASIPALA WESIFUNDA UMKHANYAKUDE  NGAPHANSI KOHLELO LUKA OPERATION SUKUMA SAKHE

    ==========================================

    25 JANUARY  2017

    ==========================================

    Mphathi wohlelo ngokukhulu ukuzithoba, angikhuleke eNkosini yesizwe sakwaNgwenya le wardi engaphansi kwaso;

    Ikhansela le wardi   umfwethu u Nkosinathi Myeni;

    Izinduna zenkosi okungabe zingaphakathi kwethu;

    Abahlala kwi war room bonke;    

    Amalunga omphakathi;

    Sanibonani…

     Mphathi wohlelo, ngijabula kakhulu ukuthi uHulumeni wethu phinde futhi wenze esinye isikhathi sokuthi  iKhabhinethi yonke, iphinde futhi izohlala kulengxenye yesiFundazwe sakithi. Lokhu, kukhombisa ngokusobala ukuthi uHulumeni wethu, ukuqonda kabanzi ukusalela emumva kwalesiFunda,  uma kuziwa kwezentuthuko.

    Bazokhumbula abaningi ukuthi uMkhanyakude wathathwa owayenguMongameli wakuleli, uThabo mBeki, njengoMasipala wesiFunda phecelezi presidential node. Nokusho ukuthi indawo empofu okufanele uHulumeni enze konke okusemandleni ukuthi imali eningi ibekwa eceleni ukuze ithuthukiswe lendawo.

    UMongameli akagcinanga nje ngokuthi enze lesosimemezelo kodwa uHulumeni wesiFundazwe ugijime ngesivinini esikhulu ukuphuthumisa izinhlelo zentuthuko lapha. Izinhlelo lezi engiziqhenya kakhulu ngazo njengoba  ezinye izinxenye zalesiFunda seziyaqala ukukhombisa umehluko. Ngakho-ke silapha futhi namuhla ukuthi siqhubeke senze umehluko ezimpilweni bantu bakithi balapha  eMkhanyakude.

    Bazongivumela abaninigi uma ngithi lesiFunda singezinye salezo ndawo esiFundazweni  okwakuthiwa ikobantu. Nokuyizindawo  lakhona oHulumeni baphimbilini, bengasebenzisanga ngisho isenti labakhokhi bentela, ukuguqula izimpilo zabantu kulendawo. Inselelo ebinkulu kakhulu nesenkulu namanje kulendawo ukuntuleka kwamanzi. Into lena uHulumeni wethu enza konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu owakhele lesiFunda, akwazi ukuthi aphuze amanzi ahlanzekile.

    Kulapha eMkhanyakude lakhona iningi labantu liqale ukuba nogesi njengoba sekuphethe loHulumeni wabo. Bakhona kulendawo abazalwa baze bashona ugesi bewugcina ukuwoba kobelungu. Ngendlela isimo esasisibi ngayo abantu bakithi abaningi babazi ukuthi vele njengbantu abamnyama, akufanele babe nalezidingo ngqangi zingezabe lungu. Kodwa uthe loHulumeni wethu mawuthatha izintambo zombuso kwavuleka ikhasi elisha ezimpilweni zabo.

    Sise wardini lakhona kunezinkulisa ezingu 08 nokusijabulisa kakhulu ukuthi kuqala ngaloHulumeni ukuthi abantwana balapha sibe nezakhiwo lapho babunjwa khona besebancane. Siyajabula kakhulu ngomsebenzi owenziwa umnyango wethu wezokuThuthukiswa komphakathi kulezinkulisa nesethemba ukuthi ngokubambisana nomphakathi lukhulu abantwana bethu abazolizuza.

    Kwezempilo nakuba singafinyelele lapho sifisa khona kodwa siyabonga ukuthi ukhona umtholampilo lakhona abantu bakithi abakwaziyo ukuthi banikele khona uma kungaphilekile. Ngokuqonda ukuthi umphakathi mningi futhi ngeke sakwazi ukuthi sakhe imtholampilo zonke izindawo, uHulumeni wethu wenze izinhlaka zokuthi kube nemitholampilo engomahamba nendlwana efika ngezikhathi ezithize evikini noma enyangeni, abantu bakithi bakwazi ukuthi basizakale. Selehlile ngempela izinga labantu obekuphoqa ukuthi umphakathi wonke uhambe amabanga amade ukuze ukwazi ukufinyelela kulezidingo ngqangi.

    Siyajabula futhi ekutheni sibuyisile isithunzi kubantu bakithi obekuyaye kuphoqe ukuthi babambe imihlangano ngaphansi kwezihlahla ngoba amahholo engekho. Siyazi-ke ukuthi kule wardi akhiwe amahholo amabili nesethemba ukuthi umphakathi wonke uyakwazi ukuthi ufinyelele kuwona uwasebenzise ngokulingana.  Siyanxusa ukuthi umphakathi usilekele ekutheni lezakhiwo ziphathiswe okwezikhali zamantungwa.

    Sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi  balinganiselwa ku 30 % nje kuphela abantu bakithi okumanje bano gesi kulendawo. Sikhathazekile kakhulu ngesibalo eziphezulu sabantu bakithi abangakabi nawo ugesi . Umnyango wami nokuyiwona owengamele ukulethwa kwalesi dingo ngqangi usebenza ngokungenamkhawulo ukwenza isiqiniseko sokuthi enhla nasenzansi nalesiFundazwe sakithi abantu bonke banawo ugesi. Sikwenza lokhu ngoba sazi kabanzi ukuthi ukubakhona kukagesi akugcini nje kuphela ngokuthi abantu bakhanyise, kodwa futhi kuvula namathuba okuthuthuka ngakwezomnotho. Ingakho uHulumeni wethu ukuphakelwa kukagesi ukubeke eqhulwini. Sikhuluma nje isiFundazwe sonke singaphesu kuka 85% wabantu asebefakelwe ugesi. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi nalapha kungekudala sobe sibheke ku 100%.  Lokhu sikuthatha njengomsebenzi omkhulu esiwenzile uma ubheka lapho siphuma khona siyisiFundazwe nokungahlukene nokuthi loHulumeni kwafanele ukuthi uqale phansi kwa A. Ngakho socela emphakathini ukuthi usibekezelele, asinikhohliwe neze-neze.

    Mphathi wohlelo uhulumeni wethu usebenza kanzima ukuthi abantu bakithi bakwazi ukuziphilisa ngokuthi uqhamuke nezinhlelo eziningi zokuxosha indlala. Phakathi kwezinye u hlelo olwengamelwe umnyango wami I Commmunity Works Programe(CWP) okumanje esiFundazweni, selwakhe amathuba omsebenzi evile ku 50 000.  Ngikhuluma nje nale wardi ingezinye zezindawo ezihlomulile kuloluhlelo njengoba belinganiselwa ku 48 abantu bakithi asebekwazi ukuthi baxoshe ikati eziko ngaphansi kwaloluhlelo.  Yebo siyazi ukuthi baningi abantu bakithi abangasebenzi ingakho senza konke okusemandleni ukuthi wonke umuntu uyalithola ithuba ikakhulukazi labo okubonakalayo ukuthi ngampela isimo asisihle. Ngakho siyacela ukuthi lemisebenzi siyihloniphe, ngemali esiyitholayo, asizame ukuthi siqhamuke namasu azokwazi ukusiphilisa isikhathi eside. Angishoke ukuthi senza konke okusemandleni ukuthi loluhlelo silukhulise kuhlomule abantu abaningi. Sikwenza lokhu nakuba uHulumeni wethu engaphansi kwengcindezi enkulu yokungabibikho kwezimali.

    Mphathi wohlelo isomiso sesishiye omkhulu umonakalo kulesiFunda sase Mkhanyakude. Kufe wena nkomo wena mbuzi konakala nokunye okuningi abantu bakithi abaziphilisa ngakho. Lokhu kube nomthelela omkhulu kakhulu ezinhlelweni zamanzi nani enizaziyo, uHulumeni wethu azama ngazo ukuthi kuso sonke lesiFunda umuntu nomuntu aphuze amanzi ahlanzekile. Nakuba kunjalo njengoHulumeni onakekelayo senze izaba zokuthi lapho amanzi engekho khona sithumele ama water tankers, saphinda futhi samba nama bore holes. Yebo siyazi ukuthi umphakathi awunelisekile ngelokuthi izimoto zamanzi zibuye zingafike kwesinye isikhathi, uthole ukuthi amaboreholes awasakhiqizi manzi. Asikuqonde lokhu ukuthi phakathi kokunye kwenziwa ubukhulu besomiso esihlasele isiFundazwe sethu nezwe lonkana. Kodwa senza uphenyo lapho amaboreholes engasebenzi khona sibambisene noMasipala wesiFunda, kungekudala ukhona umehluko enizowubona.

    Mphathi wohlelo wohlelo ngingapbala siphelelwe isikhathi izinto uHulumeni asezenzile lapha esikhathi esincane ethathe izintambo zombuso. Namuhla-ke asizile lapha ukuzothula izinkulumo ezinde. Phela usuku lolu lakhona umphakathi kufanele ukhulume nathi njengezisebenzi zawo ukuthi ikuphi lakufanele siphuthume khona. Thina okwethu ukuthi silalele umphakathi okhala ngakho, ebese senza izaba zokuthi sikulungisa kanjani ngesivinini, iqhubeke impilo yabantu bakithi iye phambili. Kuleliqophelo angibonge ithuba enginikwe lona, ebese ngideda inkundla ukunika umphakathi ithuba lokuthi uzwakalise ilaka lawo.

     Ngiyabonga…

     

     

  • Ulwaluko festival speech by MEC Dube-Ncube

    INKULUMO KANGQONGQOSHE WEZOKUBUSA NGOKUBAMBISANA NEZINDABA ZOMDABU KWAZULU NATAL UMHLONISHWA U NOMUSA DUBE-NCUBE EMCIMBINI WOKWEMUKELWA KWAMA KWARA EMVA KOKUSOKWA KUMASIPALA WENDAWO WASE KOKSTAD

    ==================================

    06 January 2016

    ==================================

    Ngokukhulu ukuzithoba angikhuleke eSilweni Samabandla esingaphakathi kwethu…Bayede;

    Undunankulu ubaba u Willies Mchunu;

    Ongqongqoshe bonke abakhona;

     Usihlalo wendlu Yamakhosi Omdabu Inkosi Chiliza,

    Imeya yomasipala wesiFunda I Harry Gwala umhlonishwa Undobe;

    Izimeya zonke zomasipala bendawo ezikhona;

    Amakhosi aseNdlunkulu;

    Ubuholi bekomidi leNdlondlo;

    Umphakathi wonke wase Kokstad namaphethelo;

    Ngiyanibingelela….

    Namhlanje-ke usuku olubaluluke kakhulu esiFundazweni sethu njengoba silapha siphelezela Ongangentaba-zakhe sizogubha ukubuya kwama Krwala osuthwini. Okukhulu kakhulu ukuthi zonke lezinsizwa ezisencane zibuye ziphila njengoba sazi ukuthi kwezinye izindawo lesi kuba isikhathi sokulila omama bekhala bekhalela amadodana abo aselele ubuthongo baphakade.

    Ukubuya kwabo bephila bekungeke kwenzeke Bayede ukube bekungasibona ubuhlakani nobuholi   bakho obulokhu  busikhanyisela njalo ikakhulukazi ezintweni ezithinta imvelaphi yethu abanye bethu abanolwazi olufishane kuzo. Sithi-ke uqhubeke njalo Bayede usihole ungakhathali, simbonge futhi nonkulunkulu ngokuthi ulokhu eqhubekile njalo nokukupha  impilo ngoba yena uyazi ukuthi usemningi umsebenzi okusafanele uwenze esizweni sakho.

    Sokhumbula sonke ukuthi ukuvuselelwa kwesiko lokusokwa kwethulwe ngokusemthethweni ngonyaka ka 2014 kwephezulu. Lapha uhulumeni wethu wawulandela umyalelo weMbube wokuthi libuye lelisiko esizweni samaZulu noma esifundazweni.

    Isilo sagcizelela kakhulu ukuthi uma lelisiko livuselelwa, phakathi kokunye kofanele kube neqhaza elikhulu elibanjwa uMnyango wethu Wezempilo oholwa uDinangwe. Sizokhumbula futhi ukuthi Isilo besingeneme neze ngezigameko lakhona abanye baba ntwana bethu bengabuyi bephila ekwalukeni. INgonyama yakubeka ngokusobala ukuthi zonke izinhlaka emphakathini kufanele zisebenze ngokubambisana ukugwema lesihlava. Lokhu kumbandakanya nezakhiwo ezikhona emphakathini ezibhekele amasiko ukuqinisekisa ukuthi onke amakhwara eSilo abuya esadla anhlamvana futhi ephilile.

    Unomthebe wethu wabe usuyalela ukuthi lomcimbi akube umcimbi waminyaka yonke. Nembala njengohulumeni olalelayo salisabela ikhwela Longangezwe-lakhe ngoba phela INgonyama yase ikhulumile futhi-ke akekho namunye ongenza okuphambane nezwi Lezul- eliphezulu. Ingakho-ke silapha namuhla siphume ngothi lwethu ukuzoguba lolusuku.

    Phakathi kwethu-ke ngiyazi kukhona abazali nabo abazogubha nathi. Siyazi ikakhulukazi omama bebelala bengalele becabanga amadodana abo asohlelweni lokhishwa ebafaneni  angene ebudodeni. Yiwo lamadoda okuzothi emva kwalokhu akwazi ukubheka imindeni yawo ebese futhi ekwazi nokuthi afake isandla ekwakhiweni kwesizwe.

    Lokhu ngikusho ngoba khathi abantwana belapha entabeni bafundiswa okuningi kakhulu abangeke bakufunda esikoleni. Bafundiswa phakathi kokunye ukuthi indoda yini, kulindelekeni kuyo kanti futhi kufanele iziphathe kanjani.  Bayafundiswa futhi ukuthi abantu besifazane nezingane kufanele zivikelwe yibo akungabi ibona abazihlukumezayo. Lemfundiso ibalululekile kakhulu ngoba siyabona ukuthi kumanje izwe lethu libhekene nenkulu inkinga yokuhlukumezwa kwezingane ngokunjalo nabesifazane emiphakathini yethu. Bahlukumezwa ubani njalo? Yibo belu abesilisa abathandana nabo, ababaganile kwezinye izikhathi ababazalayo noma abazalwa nabo.

    Ingakho-ke njalo ngihlale ngikuthakasela kakhulu ukuba khona kweSilo phakathi kwethu ngoba sona ezikhathini ezininigi, sihlale siphambili kwethu ngokucabanga. Sisifundisile ukuthi akusizo kuphela izinto zasentshonalanga ezizoxazulula izinkinga zethu, kodwa kofanele sibuyele amasikweni ethu naba namagalelo amakhulu ukwakha isizwe.

    Phambilini kuyiqiniso elingephikwe ukuthi zazingadlangile kangaka izigameko zokuhlumezwa kwezingane nabesifazane. Kunalokho abesifazane babehlonishwa kakhulu kungekho sinqumo esithathwayo ekhaya omama bekhaya bengazi. Langiqonde khona isekutheni uma beya ngokuya banda abantwana bethu abathamela lezizikole zolwaluko, nginethemba mina lokuthi isithunzi sethu njengabantu bengabadi, sizobuya.

    Akesibheke nje futhi enye yezinto esasingayinakile sonke ukuthi ibe negalelo elingakanani lokubuyisa isimilo ezinganeni zethu zamantombazane. Lapha ngikhuluma ngomkhosi womhlanga nawo obanjwa minyaka nothanyelwa izinkulungawane zamatshitshi, nokuyilapho zifike zishiye khona umhlanga komkhulu ukufakazela ukuthi ziseyizintombi nto. Lomcimbi ukhula minyaka yonke okufakazela ukuthi  nabazali sebeyayibona lento Isilo esayibona kuqala. Phela futhi lapha akukho mtwana ophoqwayo kodwa iloyo naloyo mzali nengane bayazinqumela.

    Kulomkhosi  izingane zethu ziyagqugquzeleka kakhulu ukuthi ziziphathe kahle ngendlela okuyaye kube kuhle ngayo uma abantwana bekulomcimbi. Umtwana oyile uye afise ukuya futhi nangomuso. Siyazi ukuthi abantwana bethu bayaye bahlolwe  nokubanikeza amathikithi okuthi baphathe umhlanga ngokukhulu ukuziqhenya bebheke Enyokeni, komkhulu. Konke lokhu kungenxa yoholo oluhle lweSilo sethu.

    Omabili-ke lamasiko Isilo nohulumeni banethemba elikhulu ukuthi azosiza kakhulu ekutheni kuliwe nesifo senculaza, esazi sonke umonakalo esesiwenzile emiphakathini yethu.  Siyazi ukuthi kunocwaningo lokuthi abesilisa abasokiwe kunamathuba angu 60 wamapehesenti okuthi angasuleleki ileligciwane lesandulela ngculaza. Kodwa kofanele sikugcizelele ukuthi lokhu akusho ukuthi uma usokiwe ngeke wasuleleka ngaleli gciwane. Ozizwa ukuthi ufuna ukuyocansini akasebenzise amajazi omkhwenyana uhulumeni wethu lo onakekelayo awanikezela mahhala kuyo yonke imitholampilo ekhona kweleMbube.

    Bayede lona-ke akusiwo umcimbi wami, kodwa umcimbi weSilo nokuyisona okufanele sikhulume nabantu baso mayelana nokubaluleka kwawo. Okwami bekuwukusika nje elijikayo Zul-eliphezulu.

    Kodwake sengihlala phansi ngicela ukuthatha lelithuba ngibonge kakhulu ekomidini leNdlondlo elinegaleleo elikhulu lokuthi lomsebenzi esihlangene ngawo namuhla uhamba njengoba Isilo sifisa.

    Sibonge ukusebenza ngokubambisana kwabezempilo ngokunjalo nabalaphi bethu bomdabu ukuthi abantwana bethu babuye bephephile futhi bephilile.

    Ngibonge futhi kakhulu koNgqongqoshe bonke abaminyango yabo ibenegalelo elikhulu lokhuthi ukuvuselelwa kwaleli siko kube impumelelo. Ngampela besingeke sibe lapha  namuhla ukuzogubha ukubuya kwezingane zethu osuthwini.

    Ngibonge futhi nakubazali ngokusethemba kwabo ngibangxenxe ukuthi baqaphele ngazozonke izikhathi ukuthi izingane azisiwa ezikoleni zokusoka ezingekho emthethweni noma ezingagunyaziwe uhulumeni. Ngikusho lokhu ngoba ezigamekweni eziningi zokudlula emhlabeni kwezingane zethu osuthwini, nokulahlekelwa ubudoda bazo, kuyatholakala ukuthi kwesinye isikhathi zisuke zisokwa abantu abangakulungele. Ngithi noma ngabe ubani onolwazi lwalabantu abangagunyaziwe ukusoka izingane zethu, abikele amaphoyisa ngokukhulu ukushesha kungaze kulahleke imiphefumulo.

    Bayede angithathe lelithuba ngifisele iSilo nabantu baso  unyaka omuhle nonezibusiso. Bese futhi ngibonga kakhulu kubantu beSilo nangendlela abaziphathe ngayo kulama holidi njengoba zingekho izigameko ezitheni ezimbi ezibe khona. Sibonge-ke futhi nakumdali ngokuba nomusa ekutheni singabi nokhisimuzi onezinhlekele njengoba kuyaye kwenzeke kweminye iminyaka.

    Bayede…..